ubuntu abusekho ebantwini ngenxa yokuthanda imali ngaphambi kokuthi ukhulume ngalesisihloko kumele ukhombise ukuthi uyaqonda ukuthi lesihloko sithini? yini ubuntu? yini imali? Sebenzisa izisho nezanga ukhombise ukuvuthwa. Imali yimpande yesonto, yenza abantu benze noma yini ngenxa yokuzuza imali, abanye badayisa ngomzimba, abanye sebephenduke otsotshi nezigebengu ngenhla yokufuna imali, ngisho nabafundisi abanye benza amasoto ngenxa yokufuna imali.
Abantu abasasizani esikhathini samanje kumele umuntu umkhokhele ukuze uthole usizo, ngisho nezingane ezincane awusakwazi ukucela usizo kuzona zikuphathise uma ubuya esitolo, zizofuna imali.
Siyabona kuvela emaphepheni abafazi bethenga izinkabi ezibulala amadoda abo ukuze kuphume izimali zomshuwalense, konke lokhu kukhona ukuthi imali ibuqedile ubuntu esizweni sakithini. Ngabe yindlala lena eyenza ukuthi abantu benze kanjena? noma iyona imali eqede unembeza kubantu bakithi?
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.